Summary
Cambridge Eleven is a growing series of original literature for 13 to 17 year-old readers. Le noveli ikhuluma ngamalungelo akhona lapha eMzansi. Umbhali uyawapenapena la malungelo bese kuvela ukuthi kukhona amalungelo amahle esingawabiza ngamalungel' okuphila. Aphinde futhi aveze amalungelo amabi noma angemukeleki, lawo-ke singathi angamalungel' okufa. Abantu abadla la malungelo babizwa ngezindlalifa zamalungel' okufa nokuphila. Umbhali wale ncwadi uphonsela inselelo imikhandlu ephethe izikole (School Governing Bodies) lapha eMzansi ukuthi uma ingahlelekile kubanjani ezikoleni. Ngamafuphi le noveli ikhuthaza imfundo kanye nokusetshenziswa kwamalungelo ngendlela efanele. Le ncwadi iveza izindlela intsha ecabanga ngayo uma kukhulunywa ngentando yeningi lapha eMzansi. Iphinde iqhubeke futhi iveze izindlela intsha elimala ngayo uma idla izidakamizwa egameni lamalungelo.